Leliqoqo lezinkondlo nezindaba ezimfishane zingokugqamisa ubunzima obubhekene nezingane, abesifazane nentsha yanamuhla. Izinkondlo zigxila ezikhathini zokudabuka nosizi, intukuthelo, izikhathi zokulahlekelwa yithemba kanye nezikhathi zenjabulo. Inhloso yezindaba ezimfishane ukusikhumbuza ukuthi ubunzima, ukulahlekelwa, kanye nosizi esizithola sikulo kuloluhambo oluyimpilo, kuyadlula. Isifiso ukuthi leliqoqo lezinkondlo nezindaba ezimfishane zisazise ukuthi sinamandla okushintsha izinto ezingezinhle esidlula kuzo futhi kube khona nesikufundayo ezimweni esizithola sikuzo, siqhubeke njalo sibonge isipho sempilo.